Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda. Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba. Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni, nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi. Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi. Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu. Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu, ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe, mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.
Funda KwabaseFiliphi 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseFiliphi 3:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo