KwabaseFilipi 3:1-11

KwabaseFilipi 3:1-11 ZUL59

Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina. Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni, nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo. Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo