Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.
Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle. Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe. Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; kanti futhi ukuhlala kulo mzimba kudingeke kakhulu ngenxa yenu. Nginaso lesi siqiniseko, futhi ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kuqhubeke ukuthokoza kwenu ekukholweni, ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini.
Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli. Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu. Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe, lokhu nani-ke nisalwa leyo mpi enangibona ngiyilwa, namanje nizwile ukuthi ngisayibambile.