KwabaseFilipi 1:14-30

KwabaseFilipi 1:14-30 ZUL59

nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa. Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha. Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu. Lokhu nginalo leli themba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni, ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini. Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli, ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu. Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe, nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.