KwabaseFiliphi 1:12-18

KwabaseFiliphi 1:12-18 ZUL20

Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli. Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu. Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi. Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle. Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe. Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza.