KwabaseFilipi 1:12-18

KwabaseFilipi 1:12-18 ZUL59

Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi. Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo