INumeri 4:1-20

INumeri 4:1-20 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Balani bonke abozalo lukaKhohathi, abaphakathi kwabozalo lukaLevi ngokwemindeni yabo nangokwezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. “Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele. Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi. Bayowumboza ngaphezulu ngesikhumba samahlengethwa, bendlale indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwaso, bese befaka izingongolo zawo. “Phezu kwetafula lezinkwa zobukhona, bayakwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, babeke kuyo izingqwembe, izinkezo, izinkamba, nezindebe zomnikelo wokuphuzwayo; kuhlale kunesinkwa phezu kwalo. Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Bayakuthatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bamboze uthi lwezibani, nezibani zalo, izindlawu zalo, izitsha zalo zomlotha, nazo zonke izitsha zamafutha abazisebenzisa kulo; bayakulufaka nezinto zalo zonke esikhumbeni samahlengethwa, bese bekubeka konke ohlakeni. “Phezu kwe-althare legolide bayokwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Bayothatha zonke izimpahla zokukhonza abakhonza ngazo endaweni engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza okwesibhakabhaka, bazemboze ngesikhumba samahlengethwa, bazibeke ohlakeni. “Bayakususa umlotha e-althare, bendlale phezu kwalo indwangu ebukhwebezane, babeke kuyo zonke izimpahla zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, izimfologo, amafosholo, nezimpahla zonke ze-althare, bendlale phezu kwazo isembozo sesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana. “U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, uyakulungisa amafutha okukhanyisa impepho ethaphukayo, umnikelo wokusanhlamvu wemihla ngemihla, namafutha okugcoba futhi anakekele ithabanakeli lonke nakho konke okukulo; indawo engcwele nempahla yayo.” USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi, kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe. Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.”

Funda INumeri 4