UNumeri 4:1-20

UNumeri 4:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Balani bonke abozalo lukaKhohathi, abaphakathi kwabozalo lukaLevi ngokwemindeni yabo nangokwezindlu zokhokho babo, kusukela kwabaneminyaka engama-30 kuya phezulu, kuze kufike kwabaneminyaka engama-50, bonke abangena ukuzokwenza umsebenzi ethendeni lokuhlangana. “Umsebenzi wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana umayelana nezinto ezingcwelengcwele. Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi. Bayowumboza ngaphezulu ngesikhumba samahlengethwa, bendlale indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwaso, bese befaka izingongolo zawo. “Phezu kwetafula lezinkwa zobukhona, bayakwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, babeke kuyo izingqwembe, izinkezo, izinkamba, nezindebe zomnikelo wokuphuzwayo; kuhlale kunesinkwa phezu kwalo. Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Bayakuthatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bamboze uthi lwezibani, nezibani zalo, izindlawu zalo, izitsha zalo zomlotha, nazo zonke izitsha zamafutha abazisebenzisa kulo; bayakulufaka nezinto zalo zonke esikhumbeni samahlengethwa, bese bekubeka konke ohlakeni. “Phezu kwe-althare legolide bayokwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bayemboze ngesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Bayothatha zonke izimpahla zokukhonza abakhonza ngazo endaweni engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza okwesibhakabhaka, bazemboze ngesikhumba samahlengethwa, bazibeke ohlakeni. “Bayakususa umlotha e-althare, bendlale phezu kwalo indwangu ebukhwebezane, babeke kuyo zonke izimpahla zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, izimfologo, amafosholo, nezimpahla zonke ze-althare, bendlale phezu kwazo isembozo sesikhumba samahlengethwa, bese befaka izingongolo zalo. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana. “U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, uyakulungisa amafutha okukhanyisa impepho ethaphukayo, umnikelo wokusanhlamvu wemihla ngemihla, namafutha okugcoba futhi anakekele ithabanakeli lonke nakho konke okukulo; indawo engcwele nempahla yayo.” USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Niqikelele ukuba isizwana semindeni kaKhohathi singapheli phakathi kwabaLevi, kodwa niyakubaphatha kanje ukuze baphile, bangafi uma besondela ezintweni ezingcwelengcwele: u-Aroni namadodana akhe bayongena babanikeze yilowo nalowo umsebenzi wakhe nomthwalo wakhe. Abanakungena ukuba babuke okungcwele ngisho umzuzwana nje, funa bafe.”

Dlulisela
Funda UNumeri 4

UNumeri 4:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana. “Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele. Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo, bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo. “Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo. Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo. “Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo; bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni. “E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo. “Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni. “Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende, babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana. “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.” UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi, kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe; kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”

Dlulisela
Funda UNumeri 4

UNumeri 4:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Bala inani lamadodana kaKohati emadodaneni kaLevi, ngensendo zawo, ngezindlu zawoyise, kusukela koleminyaka engamatshumi amathathu langaphezulu kusiya koleminyaka engamatshumi amahlanu, bonke abangena empini ukwenza umsebenzi ethenteni lenhlangano. Lena iyakuba yinkonzo yamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana mayelana nezinto ezingcwelengcwele. Lapho ikamu lisuka, u-Aroni namadodana akhe kumelwe beze, bakhumule isembozo bamboze umphongolo wobufakazi ngaso. Ubeke phezu kwayo isigubungelo sezikhumba zamatahasi, wendlala phezu kwayo indwangu ebubende yodwa, ufake izinti zayo. Phezu kwetafula lesinkwa sokubukwa kumelwe bendlala indwangu ebubende babeke phezu kwalo izitsha nezinkezo nezitsha nezitsha zokubeka phezu kwazo; nesinkwa saphakade kumelwe sibe phezu kwayo. Bayakwendlala phezu kwayo indwangu ebomvu, bayimboze ngesigubungelo sezikhumba zamatahasi, bafake izinti zayo. Bayakuthatha indwangu ebubende bamboze uthi lwesibani lwesibani, nezibani zalo, nezindlawu zalo, nezitsha zalo, nezitsha zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo. Bazakubeka kanye nazo zonke izinto zaso eyisibekelelo sezikhumba zamatahasi, bakubeke phezu kodondolo. Phezu kwe-altare legolide bayakwendlala indwangu ebubende balimboze ngesikhumba samatahasi, balinamathisele ezintini zalo. Kumelwe bathathe zonke izinto zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele bazifake endwangwini ebubende bazimboze ngesembozo sezikhumba zamatahasi bazibeke odondolweni. Kumelwe basuse umlotha e-altare futhi bendlala indwangu ebubende phezu kwalo. Kumelwe babeke zonke izinto zakhe abakhonza ngazo phezu kwalo, imicengezi yomlilo, namakhona enyama namafosholo nezitsha, zonke izinto ze-altare; bayakwendlala phezu kwalo isembozo sezikhumba zamatahasi, balinamathisele ezintini zalo. Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana. Esikhundleni sika-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, amafutha othi lwesibani, nempepho yamakha, nomnikelo wokudla wansuku zonke, namafutha okugcoba, nokuqondisa kwetabernakele lonke, nakho konke okukulo ethempelini. Indawo engcwele nasezintweni zayo. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Ungasinqumi isizwe semindeni yamaKohati phakathi kwamaLevi. Kodwa yenzani njalo kubo, ukuze baphile, bangafi, ekusondeleni kwabo ezintweni ezingcwelengcwele: uAroni lamadodana akhe bazangena, babamise, kube yilowo lalowo emsebenzini wakhe lomthwalo wakhe. Kodwa akumelwe bangene ukuze babone lapho izinto ezingcwele zisitshekelwe, funa bafe.

Dlulisela
Funda UNumeri 4