INumeri 35

35
Imizi YabaLevi Engamashumi Amane Nesishiyagalombili
1 USimakade wakhuluma kuMose emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho, wathi: 2“Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba baphe abaLevi, ezweni eliyifa labo, imizi ukuba bahlale kuyo. AbaLevi niyobanika namadlelo azungeze leyo mizi, nxazonke. 3Imizi iyoba ngeyabo ukuba bahlale kuyo, namadlelo ezinkomo zabo abe yimpahla yabo, nawezilwane zonke zabo.
4“Amadlelo emizi eniyowanika abaLevi ayosuka ogangeni lomuzi, amakhubhithi ayinkulungwane, nxazonke. 5Umuzi niyakuwulinganisa ngaphandle kanje: ngasempumalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, eningizimu, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000, entshonalanga, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000 nangasenyakatho, kube ngamakhubhithi ayizi-2 000; umuzi ube phakathi. Lokho kuyoba ngamadlelo emizi yabo.
6 “Imizi eniyoyinika abaLevi iyoba yimizi eyisithupha yokuphephela, lapho umbulali eyobalekela khona ukuba aphephe kuyo. Ngaphandle kwayo, niyobanika imizi engama-42. 7Isiyonke imizi eniyoyinika abaLevi iyoba ngama-48, namadlelo ayo. 8 Imizi eniyobanika yona niyoyithatha kuso isabelo sabantu bakwa-Israyeli, kwesikhulu niyothatha eminingi, kwesincane nithathe eyingcosana. Yilowo nalowo uyonika abaLevi ngokuthi athathe emizini eyisabelo sefa lakhe alidlayo.”
Imizi Yokuphephela
9USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 10“Tshela abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma niwela iJordani, ningena eKhanani, 11 niyoqoka imizi yokuphephela lapho umbulali obulale umuntu ngokungeyona inhloso eyobalekela khona. 12Kini iyokuba yimizi yokuphephela kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe. 13Imizi eniyobanika yona ibe ngeyokuphephela, iyokuba yisithupha. 14Niyoqoka imizi emithathu phesheya kweJordani, niqoke eminye emithathu eKhanani ibe yimizi yokuphephela. 15 Le mizi iyokuba ngeyokuphephela kubantu bakwa-Israyeli, kumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulala umuntu ngokungenhloso abalekele kuyo.
Umthetho Oqondene Nababulali
16 “ ‘Uma umuntu eshaya omunye ngokwakhiwe ngensimbi afe, ungumbulali; impela umbulali uyobulawa. 17 Uma emshaya ngetshe aliphethe ngesandla, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa. 18Uma ephethe isikhali sokhuni amshaye ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali uyobulawa. 19Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala. 20Noma ngubani okuthi ngokuzonda omunye bese emdudula noma amcuthele, amjikijele ngokuthile, afe, 21noma ngobutha, amshaye ngesibhakela, aze afe; ungumbulali. Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.
22“ ‘Uma umuntu engazelele, ethuka sekungqubuzeka omunye kodwa engamzondi, noma emjikijela ngokuthile engamqamekelanga, 23noma ngetshe elingambulala, engahlosile liwele kuye, afe, engeyiso isitha sakhe, futhi ebengahlose kumlimaza, 24inhlangano iyokwehlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi, ilandela lezi zehlulelo. 25Inhlangano iyakumhlenga umbulali esandleni somphindiseli wegazi, imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo kuze kufe umphristi omkhulu owayegcotshwe ngamafutha angcwele.
26“ ‘Uma kwenzeka umbulali eqa umngcele womuzi wokuphephela lapho ebalekele khona, 27aficwe ngumphindiseli wegazi ngaphandle kwemingcele yomuzi wokuphephela, bese umphindiseli embulala umbulali, akayukuba nacala legazi, 28ngokuba umbulali kufanele ahlale emzini wokuphephela kuze kufe umphristi omkhulu. Kodwa emva kokufa komphristi omkhulu, umbulali angabuyela ezweni eliyifa lakhe.
29“ ‘Lokho kuyoba yisimiso sokwehlulela kini, nasezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.
30 “ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
31“ ‘Aniyukuthatha nhlawulo ukuze nisindise umbulali onecala okufanele afe ngenxa yalo, umbulali kufanele abulawe.
32“ ‘Aniyukuyithatha inhlawulo kumuntu obalekele emzini wokuphephela, ukuze obhacile abuye azohlala ezweni, engakafi umphristi omkhulu.
33 “ ‘Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; ayikho inhlawulo yezwe ngegazi elichitheke kulo, kuphela ngegazi lalowo olichithile. 34 Aniyukulingcolisa izwe enihlala kulo, ngokuba Mina Simakade ngihlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 35: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume