INumeri 34

34
Ukuhlukaniswa Kwemingcele EKhanani
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Senizofika eKhanani, leli yizwe elizokuba yifa lenu, izwe lamaKhanani nemingcele yalo. 3 Uhlangothi lwaseningizimu luyosuka ehlane iZini, lugudle kwa-Edomi. Umngcele wenu waseningizimu uyosuka ekugcineni koLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga. 4Umngcele wenu ujike ngaseningizimu yoKhalo Lwezitha, uze wedlule eZini, uphume eningizimu eKadeshi Bharineya, uye eHazari Adari, uze ufike e-Azimoni. 5 Kusuka e-Asimoni, umngcele uyojika ubheke ngasemfuleni eGibhithe, uphumele olwandle.
6“ ‘Umngcele wasentshonalanga kuyoba wuLwandle Olukhulu, lube ngumngcele wenu entshonalanga.
7 “ ‘Umngcele wenu enyakatho uyoma kanje: kusukela oLwandle Olukhulu anomisa intaba iHori ibe wumngcele. 8 Ukusuka entabeni iHori anoziphawulela indlela eya eHamathi, umngcele uphume eZedadi, 9bese uphumela eZifroni, wedlulele eHazari Enani; uyoma kanjalo-ke umngcele wenu enyakatho.
10“ ‘Umngcele wenu empumalanga uyoma kanje: niyoziklamela umngcele empumalanga usuke eHazari Enani uze ufike eShefamu; 11 wehle eShefamu, uye eRibhila empumalanga e-Ayini, wehle njalo uze ufinyelele emmangweni ongasolwandle iKhinerethi, empumalanga. 12Umngcele wehlele eJordani, uphume ngasoLwandle Lukasawoti. Yilelo-ke izwe lenu ngokwemingcele yalo, nxazonke.’ ”
13 UMose wabayala abakwa-Israyeli, wathi: “Leli yizwe eniyolaba ngonkatho, uSimakade ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye, 14 ngokuba isizwana sabozalo lukaRubeni ngokwezindlu zokhokho babo nesizwana sabozalo lukaGadi ngokwezindlu zokhokho babo sezilitholile ifa lazo, kanjalo nengxenye yesizwana sakwaManase. 15Lezi zizwe ezimbili nengxenye zalithola ifa lazo phesheya kweJordani ngasempumalanga yeJerikho, lapho kuphuma khona ilanga.”
Amadoda Aqokwa Ukwaba Izwe
16USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 17 “Nanka amagama amadoda ayoklama izwe eliyifa lenu: u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni. 18Niyothatha umholi ngamunye kuleso naleso sizwana ukuba abe izwe libe yifa lenu. 19Nanka amagama amadoda aqokwa: esizwaneni sakwaJuda: nguKhalebhu indodana kaJefune.
20“Esizwaneni sabozalo lukaSimeyoni: nguShemuweli, indodana ka-Amihudi.
21Esizwaneni sakwaBhenjamini: ngu-Elidadi, indodana kaKhisiloni.
22Esizwaneni sabozalo lukaDani: ngumholi uBhuki, indodana kaJogili.
23Emadodaneni kaJosefa: esizwaneni sabozalo lukaManase: ngumholi uHaniyeli, indodana ka-Efodi.
24Esizwaneni sabozalo luka-Efrayimi: ngumholi uKemuweli, indodana kaShifethani.
25Esizwaneni sabozalo lukaZebuloni: ngumholi u-Elizafani, indodana kaPharinakhi.
26Esizwaneni sabozalo luka-Isakhare: ngumholi uPhalithiyeli, indodana ka-Azani.
27Esizwaneni sabozalo luka-Asheri: ngumholi u-Ahihudi, indodana kaShelomi.
28Esizwaneni sabozalo lukaNafethali: ngumholi uPhedaheli, indodana ka-Amihudi.”
29Yilabo uSimakade abayala ukuba behlukanisele abantu bakwa-Israyeli ifa, eKhanani.

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume