INumeri 27:1-8

INumeri 27:1-8 ZUL20

Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi: “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana. Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo. “Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne INumeri 27:1-8