UNumeri 27:1-8
UNumeri 27:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kusondela amadodakazi kaZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri emndenini kaManase, indodana kaJosefa. Nanka amagama amadodakazi akhe: kwakunguMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThiriza. Ama ngasemnyango wethende lokuhlangana phambi koMose, u-Eleyazare umphristi, abaholi, nayo yonke inhlangano, athi: “Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana. Kungani igama likababa likhishiwe emndenini wakhe, yingoba engenandodana na? Sabeleni nathi ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” UMose walwethula udaba lwawo kuSimakade. USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Amadodakazi kaZelofehadi akhulume kahle. Uyakuwabela nokuwabela izwe eliyifa lawo kubafowabo bakayise, uledlulisele kuwo. “Abantu bakwa-Israyeli uyobatshela, uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, ifa lakhe liyodluliselwa endodakazini yakhe.
UNumeri 27:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: “Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana. Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.” UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise. “Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe.
UNumeri 27:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwasekufika amadodakazi kaSelofehadi indodana kaHeferi indodana kaGileyadi indodana kaMagiri indodana kaManase emindenini kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe; uMagila, uNowa noHogila noMilka noTirisa. Ema phambi kukaMose, naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, nayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: Ubaba wafela ehlane, wayengekho eqenjini lababuthanela uJehova eqenjini likaKora; kodwa wafa esonweni sakhe futhi engenamadodana. Kungani igama likababa kumelwe liqedwe phakathi komndeni wakhe, ngoba engenandodana? Bese usinika ifa phakathi kwabafowabo bakababa. UMozisi waseletha udaba lwabo phambi kweNkosi. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle: Kufanele uwanike ifa phakathi kwabafowabo bakayise; futhi kumelwe uvumele ifa likayise lidlulele kubo. Futhi kumelwe ukhulume kubantwana bakwa-Israyeli uthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, kumelwe nilidlulisele ifa lakhe endodakazini yakhe.