INumeri 2

2
Ukuhlelwa Kokukanisa Kwezizwe Ehlane
1USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 2 “Makube yilowo nalowo kubantu bakwa-Israyeli akanise ngasebhaneleni lakhe ngasezimpawini zezindlu zokhokho bakhe; bayakukanisa nxazonke babhekane nethende lokuhlangana.”
3 Abakanisa ngasempumalanga ngalapho kuphuma khona ilanga kuyakuba ngabebhanela lenkambu yakwaJuda ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaJuda kunguNaheshoni indodana ka-Aminadaba. 4Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-74 600.
5 Abakanisa eceleni kwakhe kuyakuba yisizwana sakwa-Isakhare. Umholi wabozalo lwabakwa-Isakhare kuyakuba nguNethaneli indodana kaZuwari; 6ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-54 400.
7 Isizwana sakwaZebuloni: umholi wabozalo lwabakwaZebuloni kungu-Eliyabe indodana kaHeloni; 8ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-57 400.
9Bonke ababalwayo benkambu yakwaJuda babeyizi-186 400 ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.
10 Ibhanela lenkambu yakwaRubeni liyakuba ngaseningizimu ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaRubeni kungu-Elizuri indodana kaShedewuri. 11Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kulo babeyizi-46 500.
12 Abakanisa eceleni kwakhe ngabesizwana sakwaSimeyoni; umholi wabozalo lwabakwaSimeyoni kunguShelumiyeli indodana kaZurishadayi. 13Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-59 300. 14 Isizwana sakwaGadi: umholi wabozalo lwabakwaGadi kungu-Eliyasafa indodana kaRehuweli. 15Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-45 650.
16Bonke ababalwayo benkambu yabakwaRubeni babeyizi-151 450 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.
17 Ithende lokuhlangana nenkambu yabaLevi kuyakusuka kube phakathi kwezinye izinkambu. Bayakusuka njengalokho bebekanisile, yilelo nalelo qembu endaweni yalo, ngokwamaviyo alo.
18 Ibhanela lenkambu yakwa-Efrayimi liyakuba ngasentshonalanga ngamabandla abo; umholo wabozalo lwabakwa-Efrayimi kuyakuba ngu-Elishama indodana ka-Amihudi. 19Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-40 500.
20Eceleni kwakhe kuyakuba khona isizwana sakwaManase; umholi wabozalo lwabakaManase kunguGamaliyeli indodana kaPhedazuri. 21Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-32 200. 22 Isizwana sakwaBhenjamini; umholi wabozalo lwabakwaBhenjamini kungu-Abhidani indodana kaGideyoni. 23Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-35 400.
24Sebebonke ababalwayo benkambu yabakwa-Efrayimi babeyizi-108 100 ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.
25 Ibhanela lenkambu yakwaDani liyakuba ngasenyakatho ngamabandla abo; umholi wabozalo lwabakwaDani kungu-Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi. 26Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-62 700.
27 Abakanisa eceleni kwakhe kwakuyisizwana sakwa-Asheri; umholi wabozalo lwabakwa-Asheri kunguPhagiyeli indodana ka-Okhirani. 28Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-41 500. 29 Isizwana sakwaNafethali: umholi wabozalo lwabakwaNafethali kungu-Ahira indodana ka-Enani. 30Ibutho lakhe nalabo ababalwayo kubo babeyizi-53 400.
31Sebebonke ababalwayo benkambu yakwaDani babeyizi-157 600. Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.
32 Yilaba-ke ababalwa kubantu bakwa-Israyeli ngezindlu zokhokho babo. Bonke ababalwa enkanjini ngamaviyo abo babeyizi-603 550. 33 AbaLevi ababalwanga phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
34Abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose: bakanisa ngasemabhaneleni abo, basuka ngokwemindeni yabo, yilowo nalowo ngokwendlu yokhokho bakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 2: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume