INumeri 3

3
Izizukulwane Zika-Aroni NoMose
1 Laba ngabozalo luka-Aroni no-Mose ngosuku uSimakade akhuluma ngalo noMose entabeni iSinayi.
2 Lawa ngamagama amadodana ka-Aroni: nguNadabi izibulo, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari. 3 Yilawo-ke amagama amadodana ka-Aroni ayegcotshwe aba ngabaphristi abehlukaniselwe ukukhonza bengabaphristi. 4 UNadabi no-Abhihu bafa phambi kukaSimakade, ngesikhathi benikela kuSimakade ngomlilo ongafanele ehlane iSinayi; babengenamadodana. U-Eleyazare no-Ithamari bakhonza bengabaphristi phambi kukayise u-Aroni.
AbaLevi Baqokelwa Ukusiza Abaphristi
5USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 6 “Sondeza isizwana sakwaLevi, usimise phambi kuka-Aroni, umphristi, ukuba simsize. 7Siyokwenza imisebenzi yakhe neyenhlangano yonke phambi kwethende lokuhlangana, siyokwenza nemisebenzi yethabanakeli. 8Bayakunakekela yonke impahla yethende lokuhlangana nemisebenzi yabantu bakwa-Israyeli, senze umsebenzi wethabanakeli. 9 Uyakwethula abaLevi ku-Aroni nakumadodana akhe; bayokwethulwa kuye impela, bevela kubantu bakwa-Israyeli. 10 Uyoqoka u-Aroni namadodana akhe ukuba benze umsebenzi wobuphristi; umfokazi oyosondela kubo, uyakubulawa.”
11USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 12 “Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami. 13 Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”
Ukubalwa KwabaLevi
14USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi, wathi: 15 “Bala abozalo lwabaLevi ngezindlu zokhokho babo nangemindeni yabo; uyobala bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu.”
16UMose wababala abaLevi njengezwi likaSimakade, njengalokhu ayemyalile uSimakade.
17 Lawa ngamadodana kaLevi
ngamagama awo:
uGereshoni,
uKhohathi noMerari.
18Lawa ngamagama
amadodana kaGereshoni
ngemindeni yawo:
uLibhini noShimeyi.
19Amadodana kaKhohathi
ngemindeni yawo:
u-Amramu, uJizihari,
uHebhroni no-Uziyeli.
20Amadodana kaMerari
ngemindeni yawo:
uMaheli noMushi.
Leyo yimindeni yabaLevi
ngezindlu zokhokho babo.
21KuGereshomi kwavela umndeni kaLibhini nokaShimeyi, lena yiyona imindeni yakwaGereshoni. 22Inani labo bonke abesilisa ababalwayo, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-7 500. 23Imindeni kaGereshoni iyakukanisa emva kwethabanakeli ngasentshonalanga. 24Umholi wendlu kaGereshoni kwakungu-Eliyasafa indodana kaLayeli. 25Umsebenzi wabozalo lwabakaGereshoni ethendeni lokuhlangana kwakungukunakekela ithabanakeli, ithende, isembozo salo, nekhethini elalisemnyango wethende lokuhlangana, 26namakhethini asegcekeni nekhethini elisemnyango wegceke elizungeze ithabanakeli ne-althare, izintambo zalo, nayo yonke imisebenzi ephathelene nalezo zinto.
27KuKhohathi kwavela le mindeni: oka-Amramu, okaJizihari, okaHebhroni noka-Uziyeli. Yilena imindeni kaKhohathi. 28Inani labo bonke abesilisa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-8 600. 29Imindeni yabozalo lwabakwaKhohathi iyakukanisa ohlangothini oluseningizimu lwethabanakeli. 30Umholi wemindeni yamaKhohathi kwakungu-Elizafani indodana ka-Uziyeli. 31Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.
32U-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umphristi uyokwengamela abaLevi, abheke abenza imisebenzi endaweni engcwele.
33KuMerari kwavela le mindeni: okaMaheli nokaMushi. Lena kwakuyimindeni kaMerari. 34Inani labo bonke abesilisa ababalwa, kusukela konenyanga kuya phezulu, babeyizi-6 200. 35Umholi wendlu kakhokho wemindeni yamaMerari kwakunguZuriyeli, indodana ka-Abhihayili, bona bayakukanisa ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli. 36Umsebenzi owawumiselwe abozalo lwakwaMerari kwakungukunakekela amapulangwe ethabanakeli: imishayo, izinsika, izisekelo zalo, nazo zonke izimpahla zalo, nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto. 37Babebuye banakekele izinsika zegceke nxazonke, izisekelo, izikhonkwane, nezintambo zalo.
38 Ababekanise ngaphambi kwethabanakeli ngasempumalanga, phambi kwethende lokuhlangana lapho kuphuma khona ilanga, kwakunguMose, u-Aroni namadodana akhe. Umsebenzi wabo kwakungukwenza izinkonzo endaweni engcwele, bagcine umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli; umfokazi oyosondela kubo uyobulawa.
39 Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.
AbaLevi Bathatha Isikhundla Sokuba Ngamazibulo
40USimakade wathi kuMose: “Bala wonke amazibulo esilisa abantu bakwa-Israyeli, kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, uwabhalise ngamagama awo, 41ungithathele abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nawemfuyo; nginguSimakade.”
42UMose wawabala wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile.
43 Wonke amazibulo awabalayo kusukela kwabanenyanga kuya phezulu, ayeyizi-22 273.
44USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 45 “Thatha abaLevi esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, nemfuyo yabaLevi esikhundleni samazibulo emfuyo yabo, ngokuba abaLevi bangabami; nginguSimakade. 46 Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi, 47 uyakuthatha amashekeli ayisihlanu ngenhloko ngayinye, lawo ngokweshekeli lendawo engcwele. Uyothatha ishekeli elingamagera angama-20; 48uyonika u-Aroni namadodana akhe leyo mali eyisihlengo salabo okweqe ngabo.”
49UMose wathatha imali eyisihlengo salabo okwakweqe ngabo kulabo ababehlengwe ngabaLevi, 50emazibulweni abantu bakwa-Israyeli wathatha imali engamashekeli ayi-1 365 ngokweshekeli lendawo engcwele. 51UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume