INumeri 14:26-45

INumeri 14:26-45 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami. Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami. Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami, abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni. Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuphelela kuleli hlane. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane. Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’ Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.” Lawa madoda uMose ayewathumele ukuyohlola izwe, abuya ekhononda, enza nenhlangano yonke ikhononde ngaye, ngokuletha umbiko omubi ngezwe. Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade. Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe. UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu. Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.” UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela. Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu. Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.” Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini. Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.