UNumeri 14:26-45

UNumeri 14:26-45 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: “Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami. Yisho kubo ukuthi: ‘Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami: izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami, abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kuleli hlane. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane. Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.’ Mina Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke le nhlangano embi engihlanganyeleyo; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona.” Nalawo madoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe, wona lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova. Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda. UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu. Bavuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.” UMose wathi: “Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela. Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu. Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.” Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.* Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.

UNumeri 14:26-45 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: Koze kube nini ngibekezelela leli bandla elibi elikhonona ngami na? Ngikuzwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli ababubula ngami. Tshono kibo uthi: Kuphila kwami, itsho iN kosi, njengokukhuluma kwenu ezindlebeni zami, ngizakwenza njalo kini. Izidumbu zenu zizawela ogwadule; nabo bonke ababalwayo kini ngokwenani lenu lonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononda ngami. Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni. Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela. Kepha nina, izidumbu zenu, ziyakuwa ogwadule. Abantwana benu bayakuzulazula iminyaka engamashumi amane ehlane, bathwale ubufebe benu, izidumbu zenu zibhujiswe ehlane. Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami. Mina, iNkosi, ngathi: Ngokuqinisekile ngizokwenza lokhu kuyo yonke le nhlangano embi engibuthelene yona; kuleli hlane bayakuqedwa, bafele khona. Lamadoda uMose awathumayo ukuhlola izwe, abuya abangela ukuba inhlangano yonke ikhonone ngaye ngokuletha inhlamba phezu kwezwe; Lawo madoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova. Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila. UMose wawakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu badabuka kakhulu. Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuphukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bheka, silapha, senyukela endaweni uJehova ayithembisayo, ngokuba sonile.” Wayesethi uMose: “Neqelani izwi leNkosi na?” kodwa ngeke liphumelele. Ningakhuphuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu; funa nihlulwe phambi kwezitha zenu. Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani akhona phambi kwenu, niyakuwa ngenkemba; ngoba seniphambukile eNkosini, ngakho iNkosi kayikuba lani. Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu. Khona-ke ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba ehla, futhi bawanqoba, abadungadulisa kwaze kwaba seHorma.

UNumeri 14:26-45 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: “Kuyoze kube nini le nhlangano eyonakele ikhononda ngami na? Ngikuzwile ukukhononda abantu bakwa-Israyeli abakhononda ngakho ngami. Yishoni kubo nithi: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho uSimakade, ngizokwenza kini njengalokhu enikushilo ezindlebeni zami. Izidumbu zenu ziyoba zigingqane kuleli hlane; bonke abantu ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, abakhononde ngami, abayukungena ezweni engafunga ngalo ukuthi ngiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKhalebhu, indodana kaJefune noJoshuwa, indodana kaNuni. Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla. Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuphelela kuleli hlane. Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane. Njengokwenani lezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingama-40, usuku luyokuba unyaka. Niyakuthwala ububi benu iminyaka engama-40, nize nazi ukuthi kuba njani lapho ngimelana nani.’ Mina Simakade ngikhulumile. Ngiyakukwenza ngempela lokhu kuyo yonke le nhlangano eyonakele ehlangane yamelana nami kuleli hlane, bonke bayofela khona.” Lawa madoda uMose ayewathumele ukuyohlola izwe, abuya ekhononda, enza nenhlangano yonke ikhononde ngaye, ngokuletha umbiko omubi ngezwe. Lawo madoda ayelethe umbiko omubi ngezwe, aqedwa ubhubhane phambi kukaSimakade. Kepha uJoshuwa, indodana kaNuni noKhalebhu, indodana kaJefune bona basinda kunalawo madoda ababehambe nawo ukuyohlola izwe. UMose wakhuluma lawa mazwi kubo bonke abantu bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu. Bavuka ekuseni ngovivi, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: “Bhekani, sesilapha, siyakuya endaweni ayithembisile uSimakade, nakuba sonile.” UMose wathi: “Kuyini lokhu? Seneqa futhi izwi likaSimakade na? Aniyukuphumelela. Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu. Bhekani, ngiwabekile ama-Amaleki namaKhanani phambi kwenu, ayakunibhuqabhuqa ngenkemba, lokhu nimfulathele uSimakade, ngalokho uSimakade akuzukuba nani.” Bakhuphukela esiqongweni sezwe lezintaba ngokuziqhayisa nakuba umphongolo wesivumelwano sikaSimakade noMose ungaphumanga enkanjini. Ama-Amaleki namaKhanani ayehlala kulelo lezintaba ehla abashaya, abaqothula, abahlakaza bagcwala izinkalo kwaze kwaba seHorma.