Babuya ekulihloleni izwe sekuzophela izinsuku ezingama-40. Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe. Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo. Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki. Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.” UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.” Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.” Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya. Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”
Funda INumeri 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: INumeri 13:25-33
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo