UNumeri 13:25-33
UNumeri 13:25-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane babuya ekuhloleni izwe. Ahamba afika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi; wababikela kanye nebandla lonke, wabazisa izithelo zezwe. Bamtshela bathi: “Sifikile ezweni owasithuma kulo, futhi lichichima ubisi nezinyosi; lesi yisithelo sawo. Kodwa abantu abahlala kulelo zwe baba namandla, nemizi ibiyelwe ngezindonga, mikhulu kakhulu; futhi sabona nabantwana bakwa-Enaki lapho. Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani. UKalebi wabathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masikhuphuke masinyane, silidle; ngokuba sinamandla okukunqoba. Kodwa amadoda akhuphuka naye athi: “Asinakukhuphukela kubantu; ngoba banamandla kunathi. Baletha umbiko omubi ngezwe abalihlola kubantwana bakwa-Israyeli, bathi: “Izwe esadabula kulo ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; futhi bonke abantu esababona kulo bangabantu abade. Sabona lapho amaRefa, amadodana ka-Enaki, evela emaRefa; sasinjengezinkumbi emehlweni ethu, futhi sasinjalo nasemehlweni abo.
UNumeri 13:25-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Babuya ekulihloleni izwe sekuzophela izinsuku ezingama-40. Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe. Bambikela bathi: “Siyile ezweni obusithume kulo salihlola; ngempela lichichima ubisi noju; nazi izithelo zalo. Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki. Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.” UKhalebhu wabathulisa abantu, wathi kuMose: “Siyakwenyuka impela, silidle; akungabazeki ukuthi sizakulinqoba.” Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka sihlasele laba bantu, ngokuba banamandla kunathi.” Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya. Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”
UNumeri 13:25-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Base bebuya ekuhloleni izwe ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane. Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe. Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo. Nokho abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu; futhi sabona abantwana bakwa-Anaki khona. U-Amaleki wakhile ezweni laseningizimu; amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni; amaKhanani akhile ngaselwandle naseceleni kweJordani.” UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.” Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.” Base belandisa abantwana bakwa-Israyeli umbiko omubi ngezwe ababelihlolile, bathi: “Izwe esilidabulile ukulihlola liyizwe elidla abakhileyo kulo; bonke abantu esababona kulo bangabantu abajaheleyo. Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”