INumeri 10:1-10

INumeri 10:1-10 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Zenzele amacilongo esiliva amabili abe ngumsebenzi ocangcathiweyo, uyakuwasebenzisa ukubiza inhlangano nalapho seyisuka inkambu. Lapho bewabetha kanyekanye, yonke inhlangano iyobuthana kuwe ngasemnyango wethende lokuhlangana. Uma kubethwa elilodwa, bonke abaholi nezinhloko zezindlu zemindeni yakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe. Uma nihlaba umkhosi, izinkambu ezingasempumalanga ziyosuka zihambe. Uma senihlaba umkhosi okwesibili izinkambu ezingaseningizimu ziyosuka, ziyohlaba umkhosi ekusukeni kwazo. Lapho ubiza ibandla niyobetha amacilongo, kodwa ningawuhlabi umkhosi. “Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayoshaya amacilongo, kuyokuba kini yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu. Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu. Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”