UNumeri 10:1-10
UNumeri 10:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Zenzele amacilongo esiliva amabili abe ngumsebenzi ocangcathiweyo, uyakuwasebenzisa ukubiza inhlangano nalapho seyisuka inkambu. Lapho bewabetha kanyekanye, yonke inhlangano iyobuthana kuwe ngasemnyango wethende lokuhlangana. Uma kubethwa elilodwa, bonke abaholi nezinhloko zezindlu zemindeni yakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe. Uma nihlaba umkhosi, izinkambu ezingasempumalanga ziyosuka zihambe. Uma senihlaba umkhosi okwesibili izinkambu ezingaseningizimu ziyosuka, ziyohlaba umkhosi ekusukeni kwazo. Lapho ubiza ibandla niyobetha amacilongo, kodwa ningawuhlabi umkhosi. “Amadodana ka-Aroni angabaphristi ayoshaya amacilongo, kuyokuba kini yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu. Kuyothi lapho niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinihlaselayo, nihlabe umkhosi ngamacilongo. USimakade uNkulunkulu wenu uyonikhumbula, anisindise ezitheni zenu. Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”
UNumeri 10:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Zenzele amacilongo amabili esiliva; wowenza ube ngocezu lonke, ulusebenzisele ukubiza umhlangano, nokukhipha amabhoro. Lapho ziwashaya, inhlangano yonke kumelwe ibuthane kanye nawe emnyango wetende lokuhlangana. Uma beshaya icilongo elilodwa kuphela, khona-ke izikhulu eziyizinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli kumelwe zibuthene kuwe. Lapho uhlaba umkhosi, amabhodi asohlangothini lwasempumalanga kumelwe aye phambili. Uma uhlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; kumele bakhalele bona phela. Kodwa lapho inhlangano ibuthana, kumelwe nibethe, kodwa akumelwe nihlabe umkhosi. Amadodana ka-Aroni, abapristi, kumelwe abethe amacilongo; kuyakuba yisimiso kini kuze kube phakade ezizukulwaneni zenu. Futhi uma nilwa ezweni lakini ngokumelene nesitha esinicindezelayo, kufanele nihlabe umkhosi ngamacilongo; uyakukhunjulwa phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhululwe ezitheni zakho. Ngosuku lokuthokoza kwenu nangezinsuku zemikhosi yenu nasekuqaleni kwezinyanga zenu niyakuvuthela amacilongo phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kweminikelo yenu yokubonga; ukuze zibe yisikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
UNumeri 10:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.* Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe. Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka. Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo. Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa. “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu. Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu. Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”