UNumeri 10:1-10

UNumeri 10:1-10 ZUL59

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Uzenzele amacilongo amabili esiliva, uwenze ngomsebenzi okhandiweyo, uwasebenzise ekubizeni inhlangano nasekusukeni kwamakamu.* Nxa bewabetha, yonke inhlangano iyakubuthana kuwe ngasemnyango wetende lokuhlangana. Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe. Nxa nihlaba umkhosi, amakamu* asohlangothini lwasempumalanga ayakusuka. Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili, amakamu* asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo. Kepha lapho liyakubuthwa ibandla, niyakubetha, ningahlabi umkhosi kodwa. “Amadodana ka-Aroni, abapristi, ayakubetha amacilongo; kuyakuba kini isimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu. Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu. Nangezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula, ibe yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”