Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu. Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.” Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso.
Funda UNehemiya 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 2:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo