UNehemiya 2:1-6
UNehemiya 2:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenyanga uNisani, ngonyaka wama-20 wokubusa kwenkosi u-Arithahishashitha, iwayini liphambi kwenkosi, ngalithunga ngalinika inkosi. Ngangingakaze ngibe ngodangele phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Kungani ubuso bakho budangele wena ube ungaguli na? Lokhu kufanele kube ngukudangala okuvela enhliziyweni.” Ngesaba kakhulu. Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?” Inkosi yathi kimi: “Ukhala ngani na?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle emehlweni akho nkosi, nengikucelayo kwemukeleka kuwe, ngicela ukuba ungithumele kwaJuda, emzini wamathuna obabamkhulu, ukuba ngiyowakha kabusha.” Inkosi yathi kimi, nendlovukazi ihlezi eduze kwayo: “Uyohamba isikhathi esingakanani, futhi ubuye nini na?” Kwayithokozisa inkosi, yase ingivumela, nganquma isikhathi engiyobuya ngaso.
UNehemiya 2:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngenyanga kaNisani ngomnyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi, iwayini liphambi kwakhe, ngaliphakamisa iwayini, ngalinika inkosi. Ngangingazange ngibiphe phambi kwayo. Inkosi yathi kimi: “Ubuso bakho bubipheleni, lokhu ungaguli, na? Lokhu kungukudabuka kwenhliziyo kuphela.” Ngase ngesaba kakhulu. Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?” Yayisithi inkosi kimi: “Ukhala ngani?” Ngase ngikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, uma inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungivumele ukuba ngiye kwaJuda emzini wamathuna awobaba ukuba ngiwuvuse.” Inkosi yathi kimi, inkosikazi ihlezi eceleni kwayo: “Uhambo lwakho luyakuba yisikhathi esingakanani, nokubuya kuyakuba nini na?” Kwaba kuhle-ke enkosini ukuvuma ukuba ngihambe; ngayitshela isikhathi esithile.
UNehemiya 2:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngenyanga kaNisani, ngomnyaka wamashumi amabili wenkosi u-Aritahishashita, kwakukhona iwayini phambi kwakhe, ngalithatha iwayini ngalinika inkosi. Manje angibanga lusizi phambi kwakhe ngaphambili. Ngakho inkosi yathi kimi: Kungani ubuso bakho budanile, lokhu ungaguli? akulutho ngaphandle kosizi lwenhliziyo. Ngase ngesaba kakhulu, Wathi enkosini: “Inkosi mayiphile kuze kube phakade; ubuso bami bungabi buhlungu ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo, na? Inkosi yasisithi kimi: Ucelani? Ngakho ngakhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngasengisithi enkosini: Uba inkosi ibona kufanele, njalo uba inceku yakho ithole umusa emehlweni akho, ngithume kwaJuda, emzini wamangcwaba awobaba, ukuze ngiwakhe. Inkosi yasisithi kimi (indlovukazi yayihlezi layo): Uhambo lwakho luzakuba ngakanani? futhi uzobuya nini? Ngakho kwaba kuhle enkosini ukungithuma; ngase ngimbeka isikhathi.