UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho; samenqabela, ngokuba engesiye umlandeli wethu.” Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami; ongamelene nathi, ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
Funda NgokukaMakhu 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 9:38-41
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo