NgokukaMarku 9:38-41

NgokukaMarku 9:38-41 ZUL59

UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.” Kepha uJesu wathi: “Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami. Ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile ngithi kini: Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.