NgokukaMakhu 9:2-4

NgokukaMakhu 9:2-4 ZUL20

Kwathi kungedlula izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende, bebodwa. UJesu waguquka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo. Base bebona u-Eliya noMose bekhuluma noJesu.