NgokukaMarku 9:2-4
NgokukaMarku 9:2-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waguqulwa isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe. Kwabonakala kubo u-Eliya noMose, bekhuluma noJesu.
NgokukaMarku 9:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi kungedlula izinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPhethro, uJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende, bebodwa. UJesu waguquka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwebezela zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni wayengeke akwazi ukuzihlanza zibe mhlophe kanjalo. Base bebona u-Eliya noMose bekhuluma noJesu.
NgokukaMarku 9:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa; waphenduka esinye isimo phambi kwabo. Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qwa, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka. Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu.
NgokukaMarku 9:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)