NgokukaMakhu 8:34-38

NgokukaMakhu 8:34-38 ZUL20

UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini umuntu anganikela ngayo ukuze ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na? Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo