NgokukaMakhu 6:30-44

NgokukaMakhu 6:30-44 ZUL20

Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela konke ababekwenzileyo nabakufundisileyo. Wayesethi kubo: “Wozani ngasese, nina nodwa, siye endaweni eyihlane, nihlabe ikhefu.” Ngokuba babebaningi abezayo nabahambayo, abaze balithola nethuba lokuba badle. Base behamba ngomkhumbi, baya ngasese, endaweni eyihlane. Abaningi bababona behamba, baqonda ukuthi baya kuphi, base begijima ngezinyawo, besuka kuyo yonke imizana, bafika lapho kuqala kunabo. Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi. Kwathi isikhathi sesihambile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, futhi seliyozilahla kunina. Bahambise ukuba baye ezindaweni eziseduze nasemizaneni ukuze bazithengele ukudla.” Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?” Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki? Hambani niyobheka.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.” Wabayala ukuba bonke bahlale phansi otshanini obuluhlaza, izigaba ngezigaba. Base behlala phansi amaqoqo ngamaqoqo, amanye ngekhulu, amanye ngama-50. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazabele abantu; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke zona. Bonke badla, basutha. Babutha imvuthuluka yezinkwa neyezinhlanzi, kwagcwala iziqabetho ezili-12. Abadla izinkwa lapho kwakungamadoda ayizi-5 000.