NgokukaMakhu 4:35-39

NgokukaMakhu 4:35-39 ZUL20

Kuthe sekuhlwile ngalolo lusuku, wathi kubo: “Asiwelele ngaphesheya.” Base besishiya isixuku, bahamba naye njengoba ayesesikebheni, kwakunezinye izikebhe ezabe zihambisana kanye naye. Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?” Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu.

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 4:35-39