NgokukaMakhu 4:26-29

NgokukaMakhu 4:26-29 ZUL20

Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini, alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani. Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, ukhahlele, kuvele izikhwebu, bese kuba nezinhlamvu ezipheleleyo kuso. Uma isithelo sesivuthwe ngokupheleleyo, usingenela ngesikela ngokushesha, ngokuba sekufike isikhathi sokuvuna.”