NgokukaMakhu 3:14-19

NgokukaMakhu 3:14-19 ZUL20

Waqoka abali-12, ababiza futhi ngabaphostoli ukuze babenaye, nokuba aphinde abathume ukuba bayoshumayela, nokuba babe negunya lokukhipha amadimoni. Wabamisa abali-12, wabaqamba lawa magama: uSimoni wamqamba wathi nguPhethro, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma; u-Andreya, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifiyose, uThadewu, uSimoni uMkhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.