NgokukaMakhu 16:14-17

NgokukaMakhu 16:14-17 ZUL20

Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 16:14-17