NgokukaMarku 16:14-17

NgokukaMarku 16:14-17 ZUL59

Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 16:14-17