NgokukaMakhu 13:1-37

NgokukaMakhu 13:1-37 ZUL20

Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?” UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo. “Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa. “Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto. “Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi, izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo. Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. “Fundani emzekelisweni womkhiwane; nxa igatsha lawo selithamba, liveza amacembe, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, uma nibona kwenzeka lezi zinto, niyokwazi ukuthi iNdodana yomuntu isiseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyukudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami awayukudlula. “Kepha lolo lusuku nalelo hora akekho owazi utho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana; nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. Kufana nomuntu owahamba waya kwelinye izwe, washiya indlu yakhe. Wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayeseyala umlindisango ukuba alinde. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni, funa afike ngokuzuma, anifumane nilele. Lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo