NgokukaMarku 13:1-37

NgokukaMarku 13:1-37 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka! UJesu waphendula wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo malungana nethempeli, oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya bambuza ngasese. Sitshele, lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho zonke lezi zinto seziyogcwaliseka na? UJesu wabaphendula waqala ukuthi: “Xwayani ningadukiswa muntu; Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo. Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele. Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli aye endlini, futhi angangeni ukuze athathe utho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kodwa maye kwabakhulelweyo nakwabamunyisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika. Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, bekungayikusindiswa nyama; Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu; noma, bheka, ukhona; ningamkholwa; Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo. Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili. Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya. Nezinkanyezi zezulu ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo. Khona-ke iyakuthuma izingelosi zayo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze; Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zisenzeka, yazini ukuthi kuseduze ngaseminyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, zingakenzeki lezi zinto. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Kepha lolo suku nalelo hora akakho owaziyo ngalo, nazingelosi ezisezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini. Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iza nini, noma kusihlwa, noma phakathi kobusuku, noma ekukhaleni kwezinkukhu, noma ekuseni; funa efika ngokuzuma, anifice nilele. Engikusho kini ngikusho kubo bonke: Lindani.

NgokukaMarku 13:1-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?” UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo. “Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa. “Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto. “Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi, izinkanyezi ezulwini ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo. Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. “Fundani emzekelisweni womkhiwane; nxa igatsha lawo selithamba, liveza amacembe, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, uma nibona kwenzeka lezi zinto, niyokwazi ukuthi iNdodana yomuntu isiseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyukudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kodwa amazwi ami awayukudlula. “Kepha lolo lusuku nalelo hora akekho owazi utho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana; nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. Kufana nomuntu owahamba waya kwelinye izwe, washiya indlu yakhe. Wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayeseyala umlindisango ukuba alinde. “Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni, funa afike ngokuzuma, anifumane nilele. Lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

NgokukaMarku 13:1-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!” UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?” Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo. “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku. Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili. “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya, nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo. Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula. “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini. Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde. “Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni, funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele. Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

NgokukaMarku 13:1-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka! UJesu waphendula wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo malungana nethempeli, oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya bambuza ngasese. Sitshele, lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho zonke lezi zinto seziyogcwaliseka na? UJesu wabaphendula waqala ukuthi: “Xwayani ningadukiswa muntu; Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo. Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele. Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli aye endlini, futhi angangeni ukuze athathe utho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kodwa maye kwabakhulelweyo nakwabamunyisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika. Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, bekungayikusindiswa nyama; Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu; noma, bheka, ukhona; ningamkholwa; Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo. Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili. Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya. Nezinkanyezi zezulu ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo. Khona-ke iyakuthuma izingelosi zayo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu. Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze; Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zisenzeka, yazini ukuthi kuseduze ngaseminyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, zingakenzeki lezi zinto. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Kepha lolo suku nalelo hora akakho owaziyo ngalo, nazingelosi ezisezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini. Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iza nini, noma kusihlwa, noma phakathi kobusuku, noma ekukhaleni kwezinkukhu, noma ekuseni; funa efika ngokuzuma, anifice nilele. Engikusho kini ngikusho kubo bonke: Lindani.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo