Marku 13

13
Marku 13
1Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka!
2UJesu waphendula wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.
3Esahlezi eNtabeni Yeminqumo malungana nethempeli, oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya bambuza ngasese.
4Sitshele, lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho zonke lezi zinto seziyogcwaliseka na?
5UJesu wabaphendula waqala ukuthi: “Xwayani ningadukiswa muntu;
6Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi.
7Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki.
8Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo.
9Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
10Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.
11Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele.
12Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.
13Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
14Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni;
15Ophezu kwendlu kangehli aye endlini, futhi angangeni ukuze athathe utho endlini yakhe;
16Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
17Kodwa maye kwabakhulelweyo nakwabamunyisayo ngalezo zinsuku!
18Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika.
19Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.
20Uma iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, bekungayikusindiswa nyama;
21Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu; noma, bheka, ukhona; ningamkholwa;
22Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.
23Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.
24Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.
25Nezinkanyezi zezulu ziyakuwa, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.
26Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini inamandla amakhulu nenkazimulo.
27Khona-ke iyakuthuma izingelosi zayo, ziqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.
28Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithambile, lihluma amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze;
29Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zisenzeka, yazini ukuthi kuseduze ngaseminyango.
30Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, zingakenzeki lezi zinto.
31Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
32Kepha lolo suku nalelo hora akakho owaziyo ngalo, nazingelosi ezisezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.
33Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini.
34Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.
35Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iza nini, noma kusihlwa, noma phakathi kobusuku, noma ekukhaleni kwezinkukhu, noma ekuseni;
36funa efika ngokuzuma, anifice nilele.
37Engikusho kini ngikusho kubo bonke: Lindani.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 13: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo