NgokukaMakhu 12:1-44

NgokukaMakhu 12:1-44 ZUL20

UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe. Ngesikhathi sokuvuna, wathumela inceku kubalimi ukuba ilande kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, bayishaya, bayibuyisela emuva ilambatha. Waphinda wathumela enye inceku kubo; yona bayilimaza ekhanda, futhi bayichapha ngenhlamba. Wabuye wathumela enye futhi; yona bayibulala nezinye eziningi. Ezinye bazishaya, ezinye bazibulala. “Kwase kusele umuntu oyedwa, indodana yakhe ethandekayo. Ekugcineni wathumela yona kubo, ethi: ‘Bazakuyihlonipha indodana yami.’ “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, khona ifa kuzakuba ngelethu.’ Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini. “Uzakwenzenjani umninisivini na? Uzofika, ababhubhise labo balimi, isivini asiqashise kwabanye. Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi. Lona lavela eNkosini liyisimangaliso emehlweni ethu’ na?” Base beceba ukumbamba, kodwa besaba isixuku, ngokuba babazi ukuthi ukhulume ngalowo mzekeliso ewuqondise kubo. Base bemshiya, bahamba. Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi. Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?” Kepha Yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngiwubone.” Bawuletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKhesari.” UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye. Kwase kufika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engenamntwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo abolibo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga mntwana. Nowesibili wamthatha, naye wafa engazalanga mntwana, kanjalo nowesithathu. Abayisikhombisa bafa bengashiyanga mntwana; ekugcineni wafa nowesifazane. Ekuvukeni, mhla bevuswayo, uyakuba ngumkabani kubo, lokhu bonke abayisikhombisa ubengumkabo na?” UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na? Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini. Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa, anifundanga yini encwadini kaMose ngasesihlahleni sameva ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo. Niduke kakhulu.” Kwase kusondela kuJesu omunye wezazimthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “Yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?” UJesu waphendula wathi: “Owokuqala yilo othi: ‘Yizwa Israyeli, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo wonke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunaleyo.” Isazimthetho sasesithi kuJesu: “Yebo, Mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho enye ngaphandle kwayo. Ukuyithanda ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla wonke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kuyayedlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.” UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akubange kusabakhona onesibindi sokumbuza. Kwathi uJesu esafundisa ethempelini wabuza, wathi: “Zikusho kanjani izazimthetho ukuthi uKhristu uyiNdodana kaDavide na? UDavide luqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele, wathi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’ “UDavide luqobo umbiza ngokuthi yiNkosi. Pho-ke uyindodana yakhe kanjani na?” Isixuku esikhulu sasimlalele ngokujabula. Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo eziqavile emadilini, ezidla izindlu zabafelokazi, zithandaze isikhathi eside, zizenzisa. Laba bayakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.” UJesu wayesehlala phansi, maqondana nomphongolo womnikelo, wayebuka ukuthi isixuku sinikela kanjani umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babenikela kakhulu. Kepha kwafika umfelokazi ompofu wanikela ngamafadingi amabili, okuyisitebela. Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”