NgokukaMakhu 11:11-21

NgokukaMakhu 11:11-21 ZUL20

UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini. Esebuke nxazonke, waphuma. Kuthe sekuhlwile, waya eBhethaniya nabali-12. Ngakusasa lapho bephuma eBhethaniya, uJesu walamba. Wabona umkhiwane buqamama, unamaqabunga, wasondela kuwo ethi hleze angathola okuthile kuwo. Esefikile kuwo akatholanga lutho, kodwa amacembe wodwa nje, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. UJesu wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo esivela kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa lokho. Bafika eJerusalema. UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini. Wagumbuqela amatafula alabo ababeshintshelana imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Akavumelanga muntu ukuba adabule ethempelini ethwele umthwalo. Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kodwa nina seniyiphendule umhume wabaphangi.” Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe. Kwathi kungahlwa, baphumela ngaphandle komuzi. Ngakusasa ekuseni badlula bawubona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. UPhethro ekhumbula okwakwenzekile, wathi kuJesu: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo