NgokukaMakhu 1:35-45

NgokukaMakhu 1:35-45 ZUL20

Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona. USimoni nababenaye bamfuna. Kwathi ukuba bamfumane, bathi kuye: “Bonke bayakufuna.” Wathi kubo: “Masihambe siye nakwezinye izindawo, emizaneni eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngeza ngenxa yaleso sizathu.” Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni. Kwase kufika kuye onochoko, wamncenga eguqe ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda ungangihlambulula.” UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane lwaphela uchoko kuye, wahlambuluka. Esemdonsile ngendlebe, wammukisa ngokushesha, wathi kuye: “Uyabona-ke, ungathi vu kumuntu, kodwa hamba uzibonakalise kumphristi, unikele ngenxa yokuhlanjululwa kwakho, njengalokhu kwayala uMose, kube ngubufakazi kubo.” Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.

Video for NgokukaMakhu 1:35-45