UJesu wayesengena esikebheni, abafundi bakhe bamlandela. Nakho-ke sekuvuka isiphepho esikhulu olwandle, isikebhe saze sambozwa ngamagagasi, kodwa uJesu wayelele. Basondela, bamvusa, bethi: “Nkosi, sisindise, siyabhubha.” UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu. Abantu bamangala, bathi: “Unhloboni lo muntu olalelwa umoya nolwandle na?” Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela. Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?” Kwakukhona buqamama umhlambi omkhulu wezingulube, ziklabile. Amadimoni amncenga, athi: “Uma usikhipha, sithumele singene emhlanjini wezingulube.” UJesu wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni. Bheka, umhlambi wonke wakhalakathela esiweni, waphonseka olwandle, wafela emanzini. Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni. Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo.
Funda NgokukaMathewu 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 8:23-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo