NgokukaMathewu 8

8
UJesu Uphilisa Umuntu Onochoko
(Mak. 1:40; Luk. 5:12)
1Kwathi lapho uJesu ehla entabeni, walandelwa yizixuku eziningi. 2Kwase kuza umuntu onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
3UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe. 4 UJesu wayesethi kuye: “Qaphela, ungatsheli muntu, kepha hamba uyozibonakalisa kumphristi, unikele ngomnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
Ukuphulukiswa Kwenceku Yenduna
(Luk. 7:1)
5Kwathi lapho uJesu engena eKhaphernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamnxusa, 6yathi: “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi; usezinhlungwini ezinzima.”
7 UJesu wayesethi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”
8Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9Ngokuba nami ngingumuntu ophansi komthetho, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami ngithi: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”
10UJesu ekuzwa lokhu wamangala, wayesethi kwababemlandela: “Ngiqinisile ngithi kini: angikaze ngikufumane kumuntu ukukholwa okungaka kwa-Israyeli. 11 Kepha ngithi kini: baningi abayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale, badle no-Abhrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu. 12 Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
13UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makwenzeke kuwe njengokukholwa kwakho.”
Umfana wasinda ngalo lelo hora.
Ukuphulukiswa Komkhwekazi KaPhethro Nabanye Abagulayo
(Mak. 1:23; Luk. 4:31)
14UJesu wayesengena endlini kaPhethro, wabona umkhwekazi kaPhethro elele phansi, enomkhuhlane. 15Wathinta isandla sakhe, umkhuhlane waphela; wayesevuka, wamkhonza.
16Kwathi kusihlwa, baletha kuye abaningi abanamadimoni, wabakhipha omoya ngezwi, wabaphulukisa bonke abagulayo, 17 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umphrofethi, ukuthi:
“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,
wazithwala izifo zethu.”
Ukumlandela UJesu
(Luk. 9:57)
18UJesu ebona isixuku simzungezile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19Esinye isazimthetho seza kuye, sathi: “Mfundisi, ngizakukulandela, nomaphi lapho uya khona.”
20UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
21Kepha omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngihambe ngiyombela ubaba kuqala.”
22Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele, yekela abafileyo bambele abafileyo babo.”
UJesu Uthulisa Isivunguvungu
(Mak. 4:35; Luk. 8:22)
23UJesu wayesengena esikebheni, abafundi bakhe bamlandela. 24Nakho-ke sekuvuka isiphepho esikhulu olwandle, isikebhe saze sambozwa ngamagagasi, kodwa uJesu wayelele. 25Basondela, bamvusa, bethi: “Nkosi, sisindise, siyabhubha.”
26UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?”
Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.
27Abantu bamangala, bathi: “Unhloboni lo muntu olalelwa umoya nolwandle na?”
UJesu Ukhipha Amadimoni
(Mak. 5:1; Luk. 8:26)
28Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, wahlangana nabantu ababili abanamadimoni, bephuma emathuneni. Babeyingozi kakhulu kangangokuthi kwakungekho muntu owayengalokotha adlule ngaleyo ndlela. 29Bezwakala sebememeza bethi: “Ufunani kithi Ndodana kaNkulunkulu na? Uze lapha ukuzosizwisa ubuhlungu, kungakabi yisikhathi na?”
30Kwakukhona buqamama umhlambi omkhulu wezingulube, ziklabile. 31Amadimoni amncenga, athi: “Uma usikhipha, sithumele singene emhlanjini wezingulube.”
32UJesu wathi kuwo: “Hambani.”
Ayesephuma, angena ezingulubeni. Bheka, umhlambi wonke wakhalakathela esiweni, waphonseka olwandle, wafela emanzini. 33Ababezelusile babaleka, baya emzini, babika konke okwakwenzekile, nalokho okwakwenzeke kwabanamadimoni. 34Umuzi wonke waphuma ukuyobona uJesu; kwathi lapho bembona, bamncenga ukuba aphume aphele emingceleni yakwelakubo.

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMathewu 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo