NgokukaMathewu 6:5-8

NgokukaMathewu 6:5-8 ZUL20

“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo