“Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi, kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu.
Funda NgokukaMathewu 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 6:28-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo