NgokukaMathewu 6:1-15

NgokukaMathewu 6:1-15 ZUL20

“Kepha qaphelani, ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuze nibonwe yibo, funa ningabi nawo umvuzo kuYihlo osezulwini. “Ngakho-ke nxa upha ompofu, ungashayi icilongo utshela abanye, njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuze badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa upha odingayo, isandla sakho sokhohlo masingakwazi okwenziwa ngesokunene, ukuze ukupha kwakho kube sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.” “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo. Kepha nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi. Ngakho-ke ningabi njengabo, ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakakuceli. Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’ “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningabathetheleli abantu, noYihlo akayukunithethelela iziphambeko zenu.

Video for NgokukaMathewu 6:1-15