NgokukaMathewu 5:13-20

NgokukaMathewu 5:13-20 ZUL20

“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sibakhanyisele bonke abasendlini. Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini. “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. “Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.

Video for NgokukaMathewu 5:13-20