NgokukaMathewu 5:13-20
NgokukaMathewu 5:13-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhiwe entabeni ungesitheke. Umuntu akasokheli isibani asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini ukuze sibakhanyisele bonke abasendlini. Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini. “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. “Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
NgokukaMathewu 5:13-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu. Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala. Futhi abantu abasosi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha, kodwa basibeke othini; futhi ikhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
NgokukaMathewu 5:13-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaMathewu 5:13-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? Akasasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, anyathelwe ngabantu. “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini. “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi; angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke. Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: Uma ukulunga kwenu kungadluli okwababhali nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.