Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.”
UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”
Kwakukhona lapho abesifazane abaningi, ababemi buqamama, bebukela: babekadebemlandela uJesu, bevela eGalile, bemkhonza. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, naye wayengumfundi kaJesu; waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. UPilatu wayalela ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu yelineni enhle ehlanzekileyo; wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni; wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya, behleli phambi kwethuna.