Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”
UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.
Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.