Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.” UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Funda NgokukaMathewu 27
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 27:45-50
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo